Mntungwa
Mbulaz'omnyama
Nina bakaBhej' eseNgome
Nin' enadl'umuntu nimyenga ngendaba
Nin' enadl' izimf'ezimbili ikhambi laphuma lilinye
Lobengula kaMzilikazi
Mzilikazi kaMashobana
Shobana noGasa kaZikode
Zikode kaMkhatshwa
Okhatshwe ngezind' izinyawo nangezimfushanyana
UMkhatshwa wawoZimangele
UNyama yentini yawoZimangele Mabaso owabas' entabeni kwadliwa ilanga lishona
BaNtungw' abancwaba
Zindlovu ezibantu
Zindlovu ezimacocombela
Nin' abakwaMawela owawel' iZambezi ngezikhali
Nin' abakwaNkomo zavul' inqaba
Zavul' inqaba ngezimpondo kwelaseNgome zahamba
Nin' enalukudl' umlenze kwaBulawayo
Mantungwa Aluhlaza
Mantungwa Amahle
Bantwana benkosi
Nin' abakwaNtokela
Inkubele abayihlabe ngamanxeba
Abakhule ngezinyawo ezimfishanyana nezimaqhukulwana
Inyang' abathe beth' ifil' uZulu kanti isiyetheswe
Yetheswe ngoNyakana kaMpeyana
UBando abalubande balushiy' uZulu
UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba
UNkone evele ngobus' emdibini
Ndabezitha! Maqhaw' amakhulu!

Help complete these here